top of page
Search
  • Writer's pictureUzizwa Kanjani

Izinombolo Okufanele Uzazi

Updated: Aug 16, 2020

Siphila emhlabeni lapho kunodlame oluningi. Uma uzizwa udidekile noma uzizwa ungasizakali, kubalulekile ukwazi ukuthi kunabantu emhlabeni abangakusiza.


Nazi izinombolo zezinhlangano ezingakusiza ngalesikhathi esinzima…


People Opposed to Woman Abuse (Powa):











Bayakhuluma nabantu kubuchwepheshe, bahlinzeka indawo yokukhusela labo ababhekene nodlame futhi banikeza izeluleko zomthetho.


Izinombolo: 076 694 5911 (Batholakala nini: UMsombuluko ku Sonto ngabo 08:30-16:30 isikhathi)


Uma uzizwa ukuthi awuphephile…

Uma ufuna umuntu ozokhuluma naye…

Uma ungumuntu wesilisa obhekene nodlame…

Uma udinga indawo yokuhlana okwesikhashana…

Kufanele ukhuluma noPOWA


Childline











Bayasiza izingane ezihluphekayo kanye nemindeni yazo. Inkonzo yabo imahhala. Basiza

ngokuhlukunyezwa ngokomzimba nangokobulili, ukusetshenziswa kwezidakamizwa nezinye!


Izinombolo: 08 000 55 555

(awudingi i-airtime ukubathinta, futhi basebenza sonke isikhathi nezisuku!)


Uma uyingane/umzali futhi uzizwa ukuthi awuphephile...

Uma uyingane noma wazi i odinga ukukhuluma nomuntu….

Uma uyingane futhi awuzithembi abazali zakho ngokukhuluma nezinkinga zakho…


Kunanele ukuthi ukhuluma noChildline.


Famsa (Family South Africa)



Basiza abantu ukuthuthukisa ubudlelwane bemindeni. Basiza nodlame emndenini, ukwahlukanisa futhi nokuzindla.



Izinombolo: 011 975 7106

Iwebhusayithi: https://famsa.org.za/

uma kunezinkinga emndenini wakho noma uma ufuna ukwakha ubudlelwano bakho kufanele ukuthi ukhulume noFamsa.


SADAG ( South African Depression and Anxiety Group)















Basiza labo abathintwe ukugula kwengqondo nokuzibulala.

Izinombolo: 0800 456 789

Ungakhuluma nabo kwi-Whatsapp ngalezi nombolo: 076 882 2775

Uma uzizwa ucindezelekile…

Uma uma ukhathazeka kakhulu…

uma ufuna ukuzibulala…

Kufanele ukhuluma noSADAG


Uma awukwazi ukuthola usizo nalezinombolo, ungasithintha thina. Sizozama ukuwusiza.




40 views0 comments

Recent Posts

See All
Post: Blog2 Post
bottom of page